Language Index

Ibhayibheli Elingcwele




ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; KwabaseRoma 3:23

Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu. KwabaseRoma 6:23

Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo. Kwabase-Efesu 2:8-9

"Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: 'Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.' NgokukaLuka 18:13

"Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdondana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdondana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo. NgokukaJohane 3:16-17

Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala. 1 KwabaseKorinte 10:13

Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu. KwabaseRoma 8:38-39

Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo. KwabaseRoma 10:4

ngokuba uthi: "Ngesikhathi esihle ngikuzwile, nangosuku lwensindiso ngakuhlangulisa;" bheka, manje kuyisikhathi esihle kakhulu; bheka, manje kulusuku lwensindiso;- 2 KwabaseKorinte 6:2

Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: "Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?" UPetru wayesethi: "Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele. Izenzo 2:37-38

nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso. Kwabase-Efesu 4:24


KwabaseRoma

ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; KwabaseRoma 3:23

njengokuba kulotshiwe ukuthi: "Akakho olungileyo, akakho noyedwa; KwabaseRoma 3:10

Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu. KwabaseRoma 6:23

Ngakho-ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile; KwabaseRoma 5:12

Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo; KwabaseRoma 5:6

kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela. KwabaseRoma 5:8

eyabonakaliswa ngamandla ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngokoMoya wobungcwele ngokuvuka kwabafileyo, uJesu Kristu iNkosi yethu KwabaseRoma 1:4

sazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo akasafi, ukufa akusabusi phezu kwakhe. KwabaseRoma 6:9

Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; KwabaseRoma 10:9

ngokuba "bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa." KwabaseRoma 10:13

Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu. KwabaseRoma 8:38-39


Baba wethu osezulwini

Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen. NgokukaMathewu 6:9-13


Ihubo 23

UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela. Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula. Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe. Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza. Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima. Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.


Ukuzalwa kukaJesu nokusokwa kwakhe

Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke. Lokhu kubalwa kokuqala kwenziwa uKhureniyu engumbusi waseSiriya. Bonke baya kubalwa, yilowo nalowo emzini wakubo. Naye uJosefa wakhuphuka ehpuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide, ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe. Kwathi-ke beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe. Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi. Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu. Ingelosi yathi kubo: "Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide. Nalokhu kuyisiboniso kini: niyakufumana umntwana embesiwe, elele emkhombeni." Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi: "Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye." Kwathi ukuba zimuke kubo izingelosi ziya ezulwini, abelusi bakhuluma bodwa, bathi: "Asihambe manje, size sifike eBetlehema, sibone leyo nto eyenzekileyo iNkosi esazisile yona." Bephuthuma bafika, bafumanisa oMariya noJosefa, nomntwana olele emkhombeni. Sebebonile balanda ngalelo zwi ababetshelwe lona ngalowo mntwana. Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi. Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe. Babuya-ke abelusi bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke abakuzwileyo nabakubonileyo, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo. ngokukaLuka 2:1-20

Copyright © Bible Society of South Africa 1997

Busuku obuhle
Ugenesise 1-3


Language index